Inkantolo isivale umfundisi ofutha abazalwane ngeDoom

2016-12-01 14:34

Giyani – INkantolo eNkulu eLimpopo isikhiphe isivimbelo sokuvimbela ‘umfundisi weDoom’ ukuthi ayeke ukufutha abazalwane ngalo muthi ofuthwayo odume ngokulalisa uyaca ezinambuzaneni zasendlini ngenxa yezinga likashevu otholakala kuwona.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo eLimpopo, uDerrick Kganyago, uthi uMnyango unikwe lesi sivimbelo sasenkantolo ukuze kuvinjelwe lo mfundisi osanda kususa umsindo, uLethebo Rabalago, weMount Zion General Assembly, ukuba aqhubeke nalesi senzo sakhe.

Lo mfundisi wathi ukufutha abazalwane ngeDoom kuzobelapha, wathi futhi uyalelwe uNkulunkulu ukuba asebenzise lesi sibulalizinambuzane.

OLUNYE UDABA: Kuthiwa askaahlali ekhaya umfundisi we-Doom

UKganyago uthi uMnyango ubufuna lo mfundisi ukuba aqale ahlolwe isimo sengqondo, nokuthe ngesonto eledlule bafaka isicelo sesivimbelo enkantolo.

“Uzokhumbula ukuthi eqaleni sasifuna ukuthi ahlolwe ingqondo ngoba lokhu kuwubulwane. Awukwazi ukufutha iDoom kubantu njengoba inobungozi bezempilo.

“Sikhule sazi ukuthi iDoom ingadala ubungozi bezempilo kubantu, bese lo mfundisi ezoyifutha kubantu,” kusho uKganyago.

NgoMsombuluko wamhla zingu-28 kuNovemba, lo mfundisi wafaka i-video ezifutha ngeDoom enkundleni yezokuxhumana, wathi futhi agudikizi ngisho inqulu ngokugxekwa akutholayo.

Inkampani ekhiqiza amaDoom, iTiger Brands, yathi ukufutha iDoom ebusweni babantu kunobungozi obukhulu njengoba yakhelwe ukubulala izinambuzane.

Kwabuye kwabikwa nokuthi lo mfundisi usebalekile endlini yakhe ngenxa yokusabela impilo yakhe. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Heavy rain late. Mostly cloudy. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-24°C Sunny. Mild. Bloem: 8-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-27°C Sunny. Warm. PE: 12-25°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...