Inkantolo isikhiphe isinqumo esithi ukuya ocansini nezingane kuwukudlwengula

2017-10-12 14:10

New Delhi - Ukwenza ucansi nengane engaphansi kweminyaka evunyelwe kufana nokudlwengula ngisho noma ngabe izithandani lezo zishadile, kusho isinqumo senkantolo yaseNdiya ngoLwesithathu.

Lesi sinqumo sikhishwe ngemuva kwezikhalazo eziningi lapho abasolwa bebekwazi ukuphula lo mthetho kepha kungekho umthetho othi kumele babhekane nesijeziso.

Iminyaka evunyelwe yokuya ocansini nokushada eNdiya ngu-18 ubudala, kepha izigidi zezingane zenziswa konke lokhu zisezincane kakhulu, ikakhulukazi ezindaweni ezisemakhaya.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe 6 ngelokudlwengula

Imithetho yokudlwengula eNdiya ibakhiphela ngaphandle abantwana abashadiswe bebancane ngokweminyaka, obekuchaza ukuthi ngisho umuntu angalala nengane bengavumelene lokho akuthathwa njengokudlwengula uma beshadile.

Nokho iNkantolo eNkulu ithe lokhu kuyaphambana kakhulu nemithetho yaseNdiya ekubeka ngokusobala ukuthi kuyicala ukulala nengane esencane ngokweminyaka.

Le nkantolo isikhiphe umyalelo wokuthi amaphoyisa kuzomele abophe labo abashada nezingane ezingaphansi kuka-18 ubudala ngenhloso yokulala nazo.


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...