Inkantolo isichithe 'imiphumela' yengqungquthela yokhetho lwe-ANC eKZN

2017-09-12 09:56

Durban - UJaji Jerome Mnguni unqume ukuthi ingqungquthela ye-ANC eKZN yaqhubeka ngokungekho emthethweni.

Amanye amalungu e-ANC ayengeneme ngemiphumela yokhetho engqungqutheleni yesifundazwe yangoNovemba 2015 okwanqoba kuyona uSihle Zikalala kwesokuba ngusihlalo we-ANC esifundazweni.

USenzo Mchunu, owayengusihlalo, ‘waphoqwa’ ukuba ehle esikhunbdleni sokuba nguNdunankulu wesifundazwe ngemva kwesikhashana kudlule ingqungquthela.

Ngesikhathi kuqhubeka lolu daba, amajaji alandiswa ngokwehluleka kwekomidi eliphezulu le-ANC ukulalela izikhalo zamagatsha, nangendlela ingqungquthela engahambanga kahle ngayo.

OLUNYE UDABA: Uyaqhubeka umbango we-ANC eKZN

UZikalala wathola amatovi angu-780, uMchunu wathola angu-675, kubavoti abantu abangu-1 459 abavota.

UMdumiseni Ntuli we-ANC eKZN uthi okwamanje basazofundisisa kahle isinqumo ngaphambi kokuba bathathe isinqumo esilandelayo.

Abalandeli baSenzo Mchunu bafuna ukuba ingqungquthela iqalwe kabusha.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-26°C Sunny. Mild. Pta: 19-32°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-30°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-30°C High level clouds. Warm. PE: 20-27°C More sun than clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...