Inkantolo inqume ukuba uZuma abhekane namacala

2017-10-13 10:21

Johannesburg - INkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala ngoLwesihlanu isichithile isicelo noma izimizamo kaMengameli Zuma yokuphikisa isinqumo esathi kumele abhekane namacala angu-783 enkohlakalo.

UZuma neNational Prosecuting Authority bebecele inkantolo ukuba iguqule isinqumo seNkantolo eNkulu yasePitoli eyathi kumele aphinde athweswe amacala.

Kodwa, enkantolo ngenyanga edlule abameli baZuma bavuma ukuthi isinqumo sokuhoxiswa kwamacala sasingenzi mqondo ophusile.

OLUNYE UDABA: Kubhekwe isinqumo ngodaba lwama-spy tape

UZuma ubefuna ithuba lokwenza izethula ezintsha ngaphambi kokuba iNPA ithathe isinqumo mayelana nokumthweswa icala.

Lokho bekuzothwenza ukuba isinqumo sithathwe yisikhulu seNPA uShaun Abrahams‚ obonakala njengomngani kaZuma.

- Sowetan Live

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...