Inkantolo inqume ukuba kuvotwe kabusha eKenya

2017-09-01 14:01

Nairobi – Inkantolo eNkulu eKenya ikhiphe isinqumo sokuba imiphumela yokhetho ithathwe njengengekho emthethweni ngenxa yezinto ezingahambanga ngokohlelo okhethweni.

Izwe laseKenya libambe ukhetho lukazwe lonke ngenyanga edlule kwaphumelela u-Uhuru Kenyatta.

Inkantolo ikhiphe umyalelo wokuba izwe iKenya liye okhethweni zingakapheli izinsuku ezingu-60.

OLUNYE UDABA: UMugabe uthi uMandela 'wadayisa' ngabantu abamnyama

URaila Odinga weqembu eliphikisayo wadalula ukuthi amavoti akhwatshaniswa ngandlela thize ukuze kuwine uKenyatta, owanqoba ukhetho ngo-54% wamavoti.

Abantu baseKenya bekulindeleke babhikishe uma inkantolo ithi uKenyatta wanqoba ukhetho ngokusemthethweni.

Isicelo esifanayo sika-Odinga ngemuva kokhetho lwango-2013 asiphumelelanga.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...