Inkantolo ihoxise isinqumo se-NPA sokuhoxisa amacala kaJiba

2017-12-21 16:01

PretoriA – INkantolo eNkulu ihoxise isinqumo esathathwa yinhloko ye-NPA uShaun Abrahams sokuhoxisa amacala ephini lakhe uNomgcobo Jiba.

Lesi sinqumo sisho ukuthi uJiba usengumsolwa futhi, ubhekene namacala okukhwabanisa nokuqamba amanga ngokubeka amacala lowo owayeyinhloko yoKlebe eKZN uJohan Booysen.

U-Abrahams lesi sinqumo wasithatha nakuba elulekwe ngabameli boMbuso ngokuthi isinqumo sokushushisa uJiba sisemthethweni ngenxa yokuqina kwezinsolo.

OLUNYE UDABA: 'Amaphara' afake izisebenzi zikamasipala enkingeni

U-Advocate Abrahams wathi uthathe lesi sinqumo ngemuva kokuba inhloko yophiko lwe-specialised commercial crime – iveze umbono wokuthi uJiba akumele athweswe amacala ngezenzo zakhe ngenxa yokuthi wayecabanga ukuthi izenzo zakhe zifanelekile.

INkantolo eNkulu iwuchithile lowo mbono, ngenxa yokuthi wawukhona omunye umbono othi izinsolo ngecala lenkohlakalo nelokuqamba amanga ziqinile.

Inkantolo iphinde yavimbela uJiba noLawrence Mrwebi ukuba babuyele emsebenzini, kuze kube isicelo sokudlulisa isinqumo senkantolo siyaphothulwa.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...