Inkantolo ifuna incazelo kuNgqongqoshe neSassa ngokuphendula sekwedlule isikhathi

2017-03-14 14:11

Johannesburg – INkantolo yoMthethosisekelo ifuna izincazelo kuNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi nakwi-Sassa.

Inkantolo iyalele uNgqongqoshe uBathabile Dlamini kanye neSouth African Social Security Agency ukuba bachaze ukuthi kungani behlulekile ukuhlangabezana nomnqamulajuqu wangoMsombuluko.

Inkantolo yayalela uNgqongqoshe kanye nale nhlangano ukuba bachaze ukuthi kungani behlulekile ukulungiselela ukuthatha izintambo zokuholela abantu imali yeziboneleli zikahulumeni ngo-Ephreli 1.

OLUNYE UDABA: Kulimale 20 wabagibeli kushayisana amatekisi

Amaphepha anezimpendulo bawafake enkantolo sekudlule isikhathi – njengoba efakwe ngo-22:00 ngoMsombuluko – ekubeni bekumele afakwe ngo-16:00 njengokomyalelo wenkantolo.

Bekulindeleke ukuba inkantolo iphinde ichazelwe ngemininingwane yesivumelwano esisha ne-CPS.

UNgqongqoshe ne-Sassa babekelwe kuze kube u-15:00 ukuba baphendule.

- eNCA

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Sunny. Cool. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 7-16°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...