Inkampani yamabhasi isathukile ngokubulawa komshayeli

2017-09-26 09:20

Cape Town – Abe-Golden Arrow Bus services bathi basashaqekile namanje ngemuva kokuba kudutshulwe umshayeli wamabhasi abo eshayela ibhasi, elibe seliphaphalaza layoshayisa imizi emibili eNyanga – umshayeli ushonele endaweni yesigameko.

Umshayeli udutshulwe esigamekweni okusolakala ukuthi ngesokuphanga esenzeke eNyanga East ngoMgqibelo ebusuku.

Ibhasi libe selishayisa imizi emibili, ngenhlanhla kwangashona muntu.

Okhulumela iGolden Arrow Bus Services uBrownwen Dyke-Beyer uthe umshayeli uphunyukwe yisiteringi sebhasi ngemuva kokudutshulwa.

“Ngokwemininingwane esisayitholile okwamanje, umshayeli udutshulwe esigamekweni sokuzama ukubamba inkunzi, wabe esephunyukwa yibhasi, elibe selishayisa imizi emibili.

OLUNYE UDABA: Kusune nezingane kweyenzeke eKZN

“Abagibeli ababili ebebesebhasini baphuthunyiswe esibhedlela kanti belashelwa imihuzuko,” kusho uDyke-Beyer.

Kukholakala ukuthi ibhasi beliya eWynberg ngesikhathi sesigameko kodwa ababulali abaziwa namanje.

Okhulumela amaphoyisa uFC van Wyk uthe amaphoyisa ayaphenya kodwa bekungakaboshwa muntu.

Kucelwa onemininingwane ngesigameko axhumane neCrime Stop ku-0860010111.

- Cape Times

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-26°C Numerous showers. Cloudy. Warm.
Jhb: 17-22°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 23-27°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C a few showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...