Injabulo yemvula iphenduke izinyembezi kumuka 9 ezikhukhuleni eW Cape

2018-02-14 11:01

Cape Town - Kuminze abantu abayisishiyagalolunye eWestern Cape ngesikhathi kuhlasela izikhukhula, kusho oyinhloko yezokuthutha esifundazweni ngoLwesithathu.

"Kushone abantu abangu-9 ngenxa yezikhukhula ezihlasele esifundazweni iWestern Cape lungakahlukani usuku lwayizolo. Abesifazane abane nendoda eyodwa baminze ngesikhathi begxuma emotweni abebehamba ngayo bezama ukubalekela amanzi abeza ngakubona kuHigh Noon Pass, ngaphandle kwaseVilliersdorp, eCaledon.

"La bantu babe nokwethuka bebona amanzi base benquma ukuphuma emotweni kanti bazogugulwa ngamanzi," kusho uKenny Africa.

OLUNYE UDABA: Izindawo ezihlaselwe kakhulu izikhukhula eThekwini

Kwesinye isigameko esenzeke eMontagu, amadoda amane - okungumshayeli nabagibeli abathathu - bashonile ngemuva kokuhluleka ukubalekela izikhukhula abahlangabezane nazo.

Lesi sigameko senzeke ngabo-00:00.

Eminye imininingwane ngalesi sigameko kayicaci kahle.

Lesi sifundazwe sibhekene nengwadla yesomiso, kanti imvula yangoLwesibili ilethe injabulo kanti izophetha ngezinyembezi.

TWITTER:


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...