Inhloko yamajaji ixwayise awezepolitiki 'ngokulwela' ezinkantolo

2017-10-26 12:27

Cape Town – INhloko yamaJaji uMogoeng Mogoeng uthi amaqembu ezombusazwe akumele asebenzise izinkantolo ukulungisa izinkinga zangaphakathi.

Ekhuluma kwiCape Town Press Club, uMogoeng Mogoeng uthe: "Uma izinkantolo sizenza izinkundla zokuxazulula izinto zepolitiki, senza ukuba zigcine sezigxekwa nokuyinto ebingagwemeka.”

Amanye amalungu e-ANC eNorth-West, eNorthern Cape, eWestern Cape, e-Eastern Cape naKwaZulu-Natal asanda kufakana ezinkantolo mayelana nezinkinga zokhetho lwangaphakathi.

UMogoeng uthi kumele siqinisekisile ukuthi siyawuqaphelisisa umsebenzi wezinkantolo.

OLUNYE UDABA: Unogada ubulale indoda phambi kukanina eThekwini

Unxuse abantu baseNingizimu Afrika ukuba bakhulume uma izinkantolo noma amajaji egxekwa ngokungafanele.

"Lokhu sizobe sikwenzela ukuvikela izikhungo zethu nokuzigcina zisebenzisa isikhathi ngokufanelekile.

"Inkantolo ayisona isitha sentando yabantu, iyingxenye ebaluleke kakhulu kwintando yabantu.”

UMogoeng Mogoeng uthe akuvamile ukuba izinkantolo zenze umsebenzi obekungamele ziwenze noma okungewona owazo eNingizimu Afrika.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...