Inhliziyo yami isaqaqamba, kusho umama kaThembisile Yende

2017-07-17 14:01

Johannesburg – Umama kaThembisile Yende uthi uyokuthola ukuthula enhliziyweni mhlazane kutholakala ungqondongqondo ecaleni lokubulawa kwendodakazi yakhe.

UNesta Yende ubekhuluma ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseSprings lapho okuvele khona kafushane okusolakala ukuthi wayeyisinqandamathe sikaYende, uDavid Ngwenya.

UNgwenya osebenza kwa-Eskom usolwa ngokubulala uYende.

Icala lakhe lihlehliselwe umhlaka-18 Septhemba ukuze kuzoqhutshekwa nophenyo.

OLUNYE UDABA:'Abakwa-Eskom bambulele udadewethu'

Umsolwa oneminyaka engu-43 ubudala, owanqatshelwa ibheyili ngenyanga ephelile, usenommeli omusha.

Idlanzana labantu besifazane belibhikisha ngaphandle kwenkantolo, abanye babo bethi "akabolele ejele, uNgwenya".

Ngaphambilini ngesikhathi evele enkantolo, inkantolo ilalele ukuthi uNgwenya wayengeyedwa kodwa kukhona abanye abasolwa ababili abasagcwele amathafa ayesebenzisana nabo.

"Ngisabuhlungu. Njalo ngomhlaka-17 enyangeni ngikhumbula ukuthi indodakazi yami yatholwa iyisidumbu," kusho uNesta.

UNgwenya usolwa ngokubulala uYende, ngemuva kokuba esole ukuthi "uzomumpimpa" ngokubandakanyeka kwakhe ekwebeni amakhebula, i-copper.

UYende owayesebenza kwa-Eskom, kusolwa ukuthi wathola ngalezi zigemegeme, kanti kusolwa ukuthi wayesemtshelile unina ngezingxabano ezikhona emsebenzini.

UNgwenya usolwa ngokujova uYende ngomjovo othile ngaphambi kokumshaya ngensimbi ekhanda, wase eyamklinya.


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 14-18°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...