Inhlangano yamabhizinisi kuleli ilaxaze u-Eskom noTransnet

2017-09-28 14:07

Cape Town - IBusiness Leadership South Africa (BLSA) isimemezele ngokusemthethweni ukuthi iyabuhoxisa ubulungu be-Eskom ne-Transnet ngaphansi kwale nhlangano.

I-BLSA isanda kukhipha i-KPMG ngaphansi kwayo kulandela imibiko ngeqhaza layo kwi-state capture.

Le nhlangano ithi isimise izinkampani ezimbili zikahulumeni ngemuva kwezinsolo ezibucayi mayelana nenkohlakalo.

Ithi ithathe lesi sinqumo ngemuva kokuba lezi zinkampani zehlulekile ukubagculisa ukuthi zizolungisa izinto.

OLUNYE UDABA: UNgqongqoshe akagculisekile ngezimpendulo zakwa-Eskom

Phambilini isikhulu esiphezulu se-BLSA uBonang Mohale usole labo abahamba phambili enkohlakalweni ngokungezi kahle kwamabhizinisi waphinde wathi uMengameli Jacob Zuma uyisigebengu.

UMohale ungomunye wabahamba phambili ekugxekeni uZuma. Futhi akazange ananaze ngesikhathi ekhuluma nalabo ebebebuthene kwethulwa amasu amasha eBLSA, eKapa.

UMohale ubize uMengameli ngesigebengu, waphinde wathi inkohlakalo kanye ne-state capture wumdlavuza obulala iNingizimu Afrika.

"Lokhu kuphoqe i-BLSA ukuba idabule ubulungu balezi zinkampani kule nhlangano. Umgomo wethu uchaza kabanzi ngokungahambisani nalabo abaphula izimiso zethu."


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...