Inhlangano yamabandla izocelela uDalindyebo ushwele ePhalamende

2016-04-01 12:32

Cape Town - Umkhandlu wamaBandla aseNingizimu Afrika eMhlabeni wonke jikelele ulindeleke ukuba uhambise isicelo kusomlomo wePhalamende uBaleka Mbete, ukucelela iNkosi uBuyelekhaya Dalindyebo ushwele.

Lo mkhandlu ulindeleke ukuba uhlanganyele ngaphandle kwenyuvesi iCape Peninsula University of Technology eKapa.

UDalindyebo oyiNkosi yabaThembu wagwetshwa iminyaka engu-15 ngo-2009 ngecala lokuzama ukubulala, ushaya ngenhloso yokulimaza, ukushisa kanye nokuthumba. Wathola ibheyili ngesikhathi kusalindwe imiphumela yesikhalazo sakhe e-Supreme Court of Appeal.

OLUNYE UDABA:Igcine ithambile inkosi uBuyelekhaya Dalindyebo

Ngo-Okthoba 2015 i-SCA yalibekela eceleni icala lokubulala ngokungenhloso nokuyinto eyehlisa isigwebo sakhe, wazinikela eMthatha Correctional Centre ngoDisemba 2015 ngemuva kwemizamo yokuphikisa isigwebo sakhe. Ugwetshwe iminyaka engu-12 e-East London Maximum Correctional Centre, kubika iNewswatch.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...