Inhlangano ifuna kuvikelwe owe-ANC osongelwa ngokubulawa

2017-07-16 13:29

Johannesburg – I-Organisation Undoing Tax Abuse (Outa) isikuchaze njengehlazo ukusongelwa ngokubulawa kwelungu le-African National Congress (ANC) ePhalamende, uMakhosi Khoza, kanye nesikhulu esiphezulu seSouth African Social Security Agency (Sassa) uThokozani Magwaza.

UKhoza uthola ukugxekwa ngamanye amalungu e-ANC ngokudalula kwakhe esidlangalaleni ukuthi ufuna kuvotwe ngokuyimfihlo esiphakamisweni sokungethenjwa kobuholi bukaMengameli Jacob Zuma ngenyanga ezayo.

UMakhosi Khoza usanda kufaka kuFacebook umyalezo awuthole ngoWhatsApp othi usalelwe yizinsuku ezingu-21 ukuba aphile.

Khonamanjalo, kubikwa ukuthi  nempilo kaMagwaza kungenzeka ukuba isengozini. Kuthiwa uthenjiswe nemali ukuba ashiye isikhundla sakhe.

OLUNYE UDABA: Lihoxisiwe icala ebelibhekene nomlingisi

Ngokwe-app kamakhalekhukhwini, iTrue Caller, inombolo yomuntu osabisa ngokubulala uKhoza ibhaliswe njengeyeBlack First Land First movement.

Owe-Outa, uWayne Duvenage, uthi lokhu kusongelwa kwezisebenzi zomphakathi abakuthathi kancane.

“Sikholelwa ukuthi uhulumeni kumele abanikeze zonke izindlela zokubavikela.”

Khonamanjalo uMagwaza kulindeleke afakaze uma sekuqhubeka uphenyo ukuthola iqhaza likaNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uBathabile Dlamini odabeni lakwaSassa.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild.
Jhb: 11-15°C Rain showers. High level clouds. Cool. Bloem: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...