Inhlamvu iphaphalaze yashaya owesifazane kubanjwa inkunzi imoto yemali

2017-09-15 16:01

Johannesburg - Amadoda abehlomile adubule abulala owesifazane ngesikhathi la madoda ebaleka nesamba semali esingadaluliwe ngemuva kokubamba inkunzi  imoto yemali eRustenburh ngoLwesihlanu, kusho amaphoyisa aseNorth West.

"Amadoda amane abehlomile abaleke nesamba semali esingaziwa ngemuva kokudubulana nonogada bemoto yemali i-SBV," kusho okhulumela amaphoyisa uSergeant Ofentse Mokgadi.

OLUNYE UDABA:Kudubuleke owesifazane kubanjwa inkunzi imoto yemali eKapa

Uthe onogada bemoto yemali bebefaka imali  kuma-ATM akuThabo Mbeki Drive ngesikhathi behlaselwa oshayasibhamu.

"Kudubuleke owesifazane, 55, ngephutha washonela esibhedlela"

Uthe amaphoyisa aphenya icala lokuphanga nelokubulala. Ayikho imibiko evelile ngabanye abantu abalimalile kulesi sigameko.

 - ANA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...