Ingu-20 000 imizi ebhidlikile ngenxa kaDineo

2017-02-17 08:02

Durban –Ngokusho kwabezimo ezithuthumayo zilinganiselwa ku-20 000 izindlu ezilimale ngenxa yesishingishane uDineo.

Ngokombiko okhishwe ngoLwesine, izikole ezingu-105  kanye nezikhungo zikahulumeni ezingu-52 nazi zilimale kabi kulokhu.

Ngaphezu kwalokho sekuvele ukuthi bayikhombisa abantu abashonile ngenxa yalesi sishingishane eMozambique ngemuva kokuthi izihlahla ziwele phezu kwemizi yabo.

Lesi sishingishane sifike kwelaseNingizimu Afrika ngoLwesine sahlasela izifundazwe iMpumalanga kanye neLimpopo.

Kuvalwe yonke imigwaqo ewubhuqu engenela eKruger National Park kwavalwa nezindawo ezingaphephile zokukhempa.

OLUNYE UDABA:BUKA: Sifike kwezwakala isishingishane eMozambique, iKZN imincile

UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu uthe kulendeleke imvula enamandla kakhulu ngoLwesine nangoLwesihlanu.

“Kulindeleke imvula enamandla nezikhukhula ezingahle zilimaze imigwaqo kanye namabuloho. Kungahle kube nemiphakathi ekhungathekayo kulokhu kodwa abezimo eziphuthumayo bakulungele ukusebenza ngokuzikhandla njengoba siqashwe kakhulu lesi simo.”

Lo mnyango ubuye waveza ukuthi ezinye izifundazwe ezingawatholanga amachaphazela kaDineo azimisele ukulekelela lawo azohlaselwa yizikhukhula nemvula enamandla.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 18-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 18-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...