Ingozi yetekisi neloli idlule nemiphefumulo engu-11

2017-11-03 07:20

Polokwane – Ingozi yeloli netekisi eyenzeke ku-N1 enyakatho yePolokwane iphume nemiphefumulo engu-11 ngoLwesine ebusuku.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo eLimpopo uThabiso Teffo uthe itekisi ayizange isalawulekanga ngemuva kokushayisa imbongolo emgwaqeni oseduzane naseBotlokwa yayoshayisana neloli.

OLUNYE UDABA:Kushone abathathu engozini enyantisa igazi eMpumalanga

UTeffo uthe kushone abantu abangu-11 aebehamba ngetekisi endaweni yesigameko, kwathi abanye baphuthunyiswa ezibhedlela ezahlukene beyolashwa kulandela ukuthola ukulimala.

UTeffo uthe bekukhona nabanye abavela kweminye iminyango endaweni yesigameko

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-34°C High level clouds. Extremely hot.
Jhb: 16-31°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 19-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-30°C Morning clouds. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...