Ingozi yemoto ishiye kuvalwe ngehlahla emndenini e-KZN

2017-02-27 07:07

Richards Bay - Kushone onke amalungu omndeni engozini eyebnzeke ku-N2 eduzane naseRichards Bay ngeSonto ntambama, kusho okhulumela i-IPSS uPaul Herbst etshela iNews24.

UHerbst uthe abezimo eziphuthumayo bezimatasa endaweni yesigameko ku-N2 obheke eRichards Bay.

OLUNYE UDABA: Iphume nemiphefumulo ingozi enyantisayo

"Kushayisane izimoto ezimbili. Kubikwa ukuthi abantu ababili basesimeni esibucayi kwashona wonke namalungu omndeni owodwa.

Abantu ababaili abebehamba ngemoto yohlobo lweMercedes Benze baphuthunyiswe esibhedlela.

"Umndeni obuhamba ngemoto yohjlobo lwe-VW Polo, umama, ubaba, izingane ezimbili eneminyaka engu-13 ubudala neneminyaka emibili ubudala bashone ujuqu.

"Ingane, 2, ibigone kumama wayo ingalifasile ibhande ngesikhathi sesigameko."

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-28°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-23°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 8-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...