Ingozi yebhasi enyantisa igazi emgwaqeni omkhulu

2016-01-06 14:29

Johannesburg - Kushone abantu abane kwalimala abangu-30 ngesikhathi ibhasi igingqikela kade ihamba emgwaqeni u-N1 ngaphandle kwaseLouis Trichardt eLimpopo ekuseni.

Okhulumela abakwa-ER24 uRussel Meiring uthe abosizo lokuqala kanye nabezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesehlakalo bathola ibhasi lishayisile eceleni komgwaqo.

Abagibeli abane bashonele endaweni yesehlakalo, kanti isidumbu esisodwa besisavaleleke ngaphakathi ebhasini.

Funda nalolu daba: Kumele aphendule ungqongqoshe ngokufeyila kwabafundi

Abagibeli abangu-30 bathole ukulimala, abanye imihuzuko abanye basesimeni esibucayi.

"Abosizo lokuqala balaphe abalimele,” kusho uMeiring.

"Kuphinde kwasetsheniswa indiza enophephela emhlane ukuthutha abanye abebelimele kabi.”

Imbangela yengozi isaphenywa.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Rain late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 7-26°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 11-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...