Ingozi iphazamisa ukuhamba kwezimoto eMpumalanga

2018-02-05 07:43

Mbombela - Kuphazamiseka ukuhamba kwezimoto emgwaqeni omkhulu u-N14, empumalanga yeMbombela, eMpumalanga, kanti usalokhu uvaliwe.

Lokhu kuza ngemuva kokushona kwabantu abangu-7 engozini eyenzeke ekuseni ngovivi namuhla (ngoMsombuluko).

Iziphathimandla zomgwaqo zithi abantu abangu-6 abnashone kule ngozi bashe bangqongqa.

OLUNYE UDABA:Kuvalwe umgwaqo kusha iloli likadizili ePitoli

Okhulumela uMnyango wezokuPhepha koMphakathi eMpumalanga, uJoseph Mabuza unxuse abashayeli ukuba bahambe ngoKaMagugu Road.

"Kushayisane izimoto ezimbili, iveni netekisi. Omunye wabashayeli uhlulekile ukulawula imoto zabe sezithelana phezulu kwashona abantu abangu-7. 

"Sicabanga ukuthi ngemuva kwamahora amabili kuzobe sekuqoqowe njengoba nabezidumbu sebesendaweni yeisgameko. Kodwa nakuba kunjalo sekucelwe abashayeli ukuba bahambe ngomgwaqo obheke eRamagugu uya eMbombela kanti futhi namaphoyisa omgwaqo akhona ukulekelela kulesi simo."

 - SABC

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...