INGOSI: Baningi ababulawa yindlala emendweni

2017-11-17 19:30

EThekwini - Umculi kaMaskandi uMkhathazi ukhiphe ingoma ekhuluma ngodaba olubucayi, lwendlala yasemendeni.

Baningi abantu ababheke nesimo esifana nalesi akhuluma ngaso uMkhathazi.

Engomeni yakhe esecwecweni lakhe Elisha elithi Heavy Weight Champion.

Kuleli cwecwe kunengoma lapho umamezala uyala umakoti wakwakhe ukuthi ngoba uyasibona isimo somtanakhe sokuthi akasakwazi ukumenelisa (enkonzweni yasekamelweni ngenxa yokugula okuthile) umakoti akazame ukuyocosha okudliwayo ngaphandle kodwa aqaphele izifo kanye nokukhulelwe.

OLUNYE UDABA:INGOSI: Yibabazi lami, kwazisholo isiphukuphuku sidlalwa wumfana

Kuyaye kuthiwe izalukazi ziphila nezimfihlo ezinzima kakhulu, kwesinye isikhathi yizimfihlo ezimise imindeni eminingi. Kwesinye isikhathi omama bagcina izimfihlo ngisho nangezingane ezizalwa womakoti bazi kahle ukuthi mhlawumbe akuyona ekamkhwenyana kungaba ekamfowabo noma ubaba wakhe imbala.

Ngabe kulungile yini ukuthi umama nomakoti babe nemfihlo efana nalena, kulokhu akekho ophatheke kabi ngoba bobabili umakoti nomkhwenyana bazowugcina umendo wabo futhi bobabili bathokozile ngoba akekho obulawa yindlala.

Noma umakoti kumele ayibekezelele indlala aze ajwayele ngoba emendweni uzibamba zishisa, wayazi kahle mhla eshada ukuthi ngeke kube mnandi ngaso sonke isikhathi, uzobhekana nezikhathi zobunzima ezifana nalezi?

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Le ngosi ibhalwe ngu-Nonkululeko Nhlapo @ndunhlapo 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...