‘Ingcindezi ikuSundowns, iWits neChiefs’
2017-05-05 18:01
Cape Town – Ngemuva kokushaywa ngo-1-0 yiMaritzburg United, umqeqeshi weCape Town
City, u-Eric Tinkler, uthi kuzomele basukume bazithathe bebheke
emdlalweni wabo olandelayo.
ICity izotholana phezulu
neFree State Stars eCape
Town Stadium ngoLwesihlanu nalapho izobe ibheke khona ukuzibuyisela
embangweni wesicoco seligi.
“Ngokusobala besingekho
bahle ngokwanele sibhekene neMaritzburg, futhi awukwazi ukuvele ukhombe
umunwe kumuntu oyedwa,” uTinkler ucashunwe
esho kanjalo ku-website yeSowetanLIVE.
OLUNYE UDABA: Uvuma induku umqeqeshi wePirates
“Kodwa kumele sivuke sizithathe. Ngokusobala, esikubhekile nezinhloso zethu zihluke ngokuphele nalapho sizithola sikhona manje futhi ngaleso sizathu, akumele kube nokusaba ukudlala ngoba ingcindezi (yokuwina iligi) ayikho kuthina.
“Ingcindezi iku-(Mamelodi) Sundowns, i-(Bidvest) Wits, kanye
ne-(Kaizer) Chiefs. Senze
kahle kakhulu futhi ngiyaziqhenya ngeqembu.
“Ngisacabanga ukuthi iSundowns iyizimfivilithi njengamanje
ngenxa yendlela abadlala ngayo. Okwethu, ukuvuka sizithathe,” kusho uTinkler.
Njengoba sekusele imidlalo
emine, iCity (esendaweni yesithathu) ilandela emuva iWits (esesicongweni)
ngamaphuzu amahlanu. Uma iwina izohlala endaweni yesibili, isusa iSundowns.
Lo mdlalo uzoqala
ngo-20:00 ebusuku.
- News 24