Ingase imbe eqolo intengo yamanzi eKapa – IMeya

2017-02-28 18:01

Cape Town – Uma ngabe abahlali baseKapa benganciphisi indlela abasebenzisa ngayo amanzi kakhulu kunalokhu, indlela elandelayo yokugwema ompompi abomile kungaba ukuthathwa kwamanzi aphuma ezitamkokweni bese eyahlanzwa ukuze aphinde afakwe emapayipini noma kusetshenziswe uhlelo olubizayo lokukhipha usawoti emanzini nokuzokwenza ukuthi intengo yamanzi inyuke ngo-50%, kusho iMeya uPatricia de Lille ngoLwesibili.

Amadamu aphakela leli dolobha asencishelwe yizinga lamanzi ngezinga elingu-33%, kanti uDe Lille uhlela ukucela ukuthi iKapa lihlonzwe njengendawo yenhlekelele.

OLUNYE UDABA: Ikhansela laseNanda lisolwa ngokuvimba iloli elilethela umphakathi amanzi

Namanje kusabukeka kunzima ukufinyelela esibalweni esincishisiwe esibekwe idolobha sokusebenzisa amanzi ngo-700 million litres ngosuku, njengoba izibalo zakamuva zihlezi ku-837 million litres.

“Sinezinsuku ezingu-121 ezisele zamanzi angasebenziseka emadamini ethu,” kusho uDe Lille esithangamini ebesidingida ngezinkinga zamanzi kuleli dolobha.

UDe Lille uhlela ukubhalela uNgqongqoshe wezeziNdawo eWestern Cape, u-Anton Bredell, acele ukuthi idolobha lihlonzwe njengendawo yenhlekelele ukuze liqalise izinyathelo eziphuthumayo.

“Sicela nisisize. Sindawonye kulokhu futhi sizohlukumezeka ndawonye,” kusho uDe Lille.

Uphinde waxwayisa nangokuthi amadamu aphakela leli dolobha ngamanzi kungenzeka ehle aze afinyelele ngaphansi kuka-10% maduzane.

Lokhu kuphawula kukaDe Lille kuza ngemuva kokuthi kukhishwe uhlu lwamakheli okuhlala kuwo abantu abangu-100 abamosha amanzi kuleli dolobha.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Passing showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain showers. Afternoon clouds. Mild. Bloem: 6-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C More sun than clouds. Mild. PE: 11-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...