INehawu iyaqhubeka nokufuna uZuma ehle esikhundleni

2016-12-09 10:00

Johannesburg – Inyunyana enkulukazi engaphasi kweCosatu, iNehawu, ifuna uMengameli Jacob Zuma ehle esikhundleni ngokushesha.

INational Education Health and Allied Workers Union (Nehawu) ifuna iPhini likaMengameli uCyril Ramaphosa kube nguyena ozobamba izintambo kuze kube iqembu elibusayo libamba ingqungquthela yokukhetha ubuholi ngo-2017.

OLUNYE UDABA:  Kuphalaze abazalwane baquleka bephuziswa okuthile

UNobhalali Jikelele weNehawu uBereng Soke uthe indlela eya phambili ukuthi ubuholi be-ANC busungule umhlahlandlela obheke engqutheleni kazwelonke okuzoba ngeka-54.

USoke uthe uRamaphosa angakwazi ukuholela iqembu empumelelweni okhethweni lukazwelonke ngo-2019.

Le nyunyana yabasebenzi ikholelwa ukuthi lokhu kuzosombulula izinselelo ezibhekene neqembu.

- eNCA

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...