Indodana kaZuma isiphinde lokho eyayalelwa ukuba ixolise ngakho

2017-08-26 12:11

Pietermaritzburg – Indodana kaMengameli Jacob Zuma, u-Edward, isiphinde yasola lowo owayengungqongqoshe wezezimali uPravin Gordhan ngokuba ngumdayisi, umqambi manga, osebenzela ongxiwankulu abamhlophe.

UZuma ubeyingxenye yababhikishi abaphazamise inkulumo kaGordhan esifundweni ebesingoGandhi eMgungundlovu ngoLwesihlanu ebusuku. 

Ngasekuqaleni kwenyanga, uZuma waphoqwa ukuba axolise ngencwadi evulelekile ayibhalela eGordhan embiza ngomdayisi.

Umbhikisho oqale unokuthula ngoLwesihlanu ebusuku uphenduke wanomsindo ngesikhathi uZuma esememeza uGordhan.

OLUNYE UDABA:  Kuboshwe izisebenzi zedolobha ngawokukhwabanisa

"Pravin uqamba amanga, unamanga, ungumqambi manga. Udayise ngezwe kubantu abamhlophe eStellenbosch. Udayisele izwe uRupert. Kade ngangisho ukuthi ungumdayisi,” kumemeza uZuma ngesikhathi uGordhan ethula inkulumo yakhe. 

Amaphoyisa ngokuhamba kwesikhathi azame ukuhlakaza isixuku, esenqabile nokho ukuhamba.

- eNCA

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...