Indoda ishayiswe yisitimela yashona eGoli

2016-08-26 20:32

Johannesburg - Indoda engaziwa okukholakala ukuthi ineminyaka ephakathi kwengu-30 nengu-40 ubudala ishayiswe yisitimela yashona phakathi kwezithuba zabo-05:00 no-06:00 ekuseni esitehsini saseGermiston eGauteng ngoLwesihlanu.

Abezindaba zeGermiston City babike ukuthi amaphoyisa ase-Elsburg aputhune endaweni yesigameko.

OLUNYE UDABA: Usindile umfana okhafulwe isitimela ebesihamba iminyango ingavaliwe

"Kukholakala ukuthi le ndoda ibihamba ngakujantshi ngesikhathi ishayiswa yisitimela," kusho okhulumela amaphoyisa ase-Elsburg uConstable Daphey Phooko.

"Ithole amanxeba emzimbeni ngaphezulu yahlonzwa njengoshonileyo endaweni yesigameko ngabosizo lokuqala.

Le ndoda ibigqoke amateku e-Adidas, ijakhethi ebrown, isikibha esiphuzu, ijezi elimnyama nebhulukwe elimnyama.

Onolwazi olungasiza ukuba kuhlonzwe le ndoda uyacelwa ukuba athinte amaphoyisa ase-Elseburg ku-011-827-2306, kubika iThe Citizen.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...