Indoda igwazwe yabulawa, kwadlwengulwa owesimame eLethabong

2017-07-17 11:03

Lethabong - Kugwazwe owesilisa washona, kwadlwengulwa owesimame endaweni yaseLethabong ngaseRustenburg, eNorth West.

Okhulumela amaphoyisa uLt-Col Pelonomi Makau uthe umlisa oneminyaka engu-34 ubudala ugwazwe amanxeba ambalwa ngoMgqibelo.

“Amadoda amathathu kanye nabesimame ababili bebesele bodwa ethaveni ngesikhathi bethatha isinqumo sokuya emzini wowesimame oyedwa,” kusho uMakau.

Kuqale ingxabano phakathi kwamadoda amabili nokuyilapho kugwazwe khona omunye amanxeba ambalwa.

OLUNYE UDABA:Kushone abazalwane abangu-16 kugingqika ibhasi

Ngemuva kokugwazwa kowesilisa, umsolwa usabise omunye walaba besimame ngommese wahamba naye baya emzini wakhe nokuyilapho afike amdlwengulela khona ngaphambi kokuba abaleke.

Amaphoyisa asebenza nezinja athungatha lo msolwa obaleke wangena emahlathini esigcemeni saseCuba, kubika iThe Citizen.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-19°C Showers late. More sun than clouds. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...