Indoda idubule umkayo nomakhelwane obezama ukubalamula

2016-02-15 18:34

Durban – Umndeni uthi usashaqekile kulandela ukudubula okudlule nemiphefumulo emithathu, eflethini eliseManzimtoti, ngaphandle kweTheku.

INews24 ibeke ngaphambilini ukuthi kubulawe abantu abathathu, kepha kunemininingwane emisha evelayo ngalesi sigameko saseDoonside.

Amaphoyisa aseqinisekisile ukuthi owesilisa kukholakala ukuthi udubule unkosikazi wakhe, wase edubula ebhekise komakhelwane abebezama ukulamula, ngemuva kwaloko wabhekisa umbhobho wesibhamu ngakuyena.

Okhulumela amaphoyisa uMajor Thulani Zwane uthe amaphoyisa abizelwe kuleli flethi ngabo-07:00.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa amadoda amabili eThekwini

“Sibikelwe ngesigameko sokuxabana kwezithandani ekuseni lapho umsolwa ebulale umkakhe nomakhelwane ngaphambi kokuzibulala naye,” esho.

"Kushone ababili kwathi abanye ababili balimala. Umsolwa ube esezingqokloza ngesibhamu naye,” elandisa.

Kuvulwe amacala amabili okubulala namabili okuzama ukubulala kanjalo nelilodwa lokufa komuntu.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili kuphangwa ibhizinisi

Emizuzwini eyi-27 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...