Indinda ngozoba umqeqeshi omusha weBafana

2017-03-08 09:30

Cape Town – Sekuqubuke indida ngokuthi ubani ozogcina ethathe izintambo njengomqeqeshi omusha weqembu lesizwe, iBafana Bafana, njengoba abaqeqeshi ababili okunguCarlos Queiroz kanye noHerve Renard, abebethwelwe ngeqoma ukuthi oyedwa wabo uzonikwa lo msebenzi, sebevele baziqhelelanisa nawo.

Ngaphambilini kubikwe ukuthi uQueiroz uyena oyimfivilithi yenhlangano yebhola kuleli, iSouth African Football Association (SAFA) ukuze avale isikhala salowo owayengumqeqeshi weBafana, uShakes Mashaba.

UQueiroz akamusha kuleli njengoba esake wayiqeqesha iBafana Bafana phakathi konyaka ka-2000 kuya ku-2002.

Kodwa-ke izinkinga ngenkontileka anayo ne-Iran, okumanje ungumqeqeshi wayo, sezenze ukuthi zime nse izingxoxo nalo mqeqeshi ongowokuzalwa ezweni laseMozambique.

“Angitholakali, futhi ngaphandle kwesivumelwano sezinhlangothi zombili ayikho indlela yokunqamula inkontileka yami (ne-Iran),” uQueiroz ucashunwe kanjalo yi-EWN.

OLUNYE UDABA: I-SAFA isihlehlise ukumenyezelwa komqeqeshi omusha weBafana

“Mhlawumbe esikhathini esizayo (ithuba liyoziveza) uma iSAFA isawuthemba umsebenzi wami.”

Ngakolunye uhlangothi, uRenard, okumanje ungumqeqeshi we-Morocco, ubengumqeqeshi wesibili ogaqelwe yiSAFA.

Kodwa-ke omele uRenard, uYousseff Haijoub, udalule ukuthi iSAFA ayikaze imthinte mayelana nesikhala somsebenzi weBafana.

Uma kungukuthi iSAFA igcina ihlulekile ukuthola laba qeqeshi bobabili, kubukeka sengathi umqeqeshi weqembu lesizwe eCameroon, uHugo Broos, uyena osezoba yimfivilithi ekuthatheni lo msebenzi.

IBafana Bafana namanje ayinamqeqeshi selokhu iSAFA yaxosha uMashaba ngoDisemba wangonyaka odlule.

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-66 ubudala walahlwa yicala lokuthuka izikhulu eziphezulu zeSAFA ngemuva komdlalo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba nalalpho iNingizimu Afrika yabhaxabula khona iSenegal.

Ukumenyezelwa komqeqeshi ozothatha izintambo kuMashaba, okwakulindeleke ngesonto eledlule, sekulindeleke ukuthi kwenziwe uma sekubuye uMengameli weSAFA, uDanny Jordaan, eZambia, nalapho eyokweseka khona iqembu lakuleli labaneminyaka engaphansi kwengu-20 ubudala.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-16°C Sprinkles late. Morning clouds. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...