Indida owesilisa eshona eqeda kuwasha imoto yakhe eVerulam

2017-10-23 14:00

Durban – Owesilisa waKwaZulu-Natal ushonile ngemuva kokuwelwa ngamapulangwe asophahleni ngemuva kokuwasha imoto yakhe emzini wakhe okuNanda Road, eVerulam, enyakatho yeTheku.

Oyinhloko yeReaction Unit South Africa, uPrem Balram, ngoMsombuluko uthe le ndoda eneminyaka engu-63 ubudala ibisiqedile ukuwasha imoto yayo ngeSonto ntambama ngesikhathi yehlelwa yilo mshophi.

"Sithe uma sifika endaweni yesigameko sathola ukuthi umufi ushayise insika eyinsimbi kwase kuwa amapulangwe asekele uphahla, embozela imoto yakhe. Ushone ngemuva kokuthi elinye lamapulangweni limhlabe esifubeni, lambhangqa nesihlalo semoto."

UBalram uthi abezicishamlilo zaseMhlanga kudingeke ukuthi basike leli pulangweni ngesaha ukuze bakwazi ukukhipha umufi emotweni.

IZITHOMBE:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-26°C Numerous showers. Cloudy. Warm.
Jhb: 17-22°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 23-27°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C a few showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...