Indida ngowesilisa otholakale edutshuliwe emzini wakhe

2017-08-18 16:01

Cape Town -  Owesilisa oneminyaka engu-45 ubudala udutshulwe wabulawa esemzini wakhe endaweni yomntakabani, eConstantia, eKapa.

Lokhu kwenzeke ngezintatha zangoLwesihlanu kanti yize amaphoyisa engakalikhiphi igama likamufi, kukholakala ukuthi nguBrian Wainstein.

UWainstein udume kakhulu ngo-Steroid King, kanti wake waboshwa ngaphambilini e-Ireland ngezinsolo zokudayisa izidakamizwa.

UWainstein ubenamagama amaningi kanti futhi wake wafunwa ngamaphoyisa e-Interpol.

OLUNYE UDABA:Umufi ubengasakudli ukudla komkakhe esaba ukuthi uzomdlisa ushevu

Ngonyaka ka-2013 wabalekela kwelase-United States nokuyinto eyenza kwabanzima ukuthi aboshwe ngamacala awenza kwamanye amazwe.

Amaphoyisa athi okwamanje ngeke akwazi ukuphawula ngokuthi ukubulawa kwalo mlisa kwenziwe yizinkabi ezithengiwe noma cha.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Andre Traut uthi uphenyo lusaqhubeka.

“Umufi udutshulelwe emzini wakhe ngezithuba zabo-01:00 ekuseni. Lo mlisa uhlaselwe abasolwa ababili abangakatholakali," kusho yena.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-26°C Numerous showers. Cloudy. Warm.
Jhb: 17-22°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 23-27°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C a few showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...