Indida ngoduke esemsebenzini eMpophomeni

2017-04-06 07:01

Durban - Akwaziwa ukuthi ukweziphi izinkalo owesilisa wase Mpophomeni oduke ngoMgqibelo wempelasonto esiphuma kuyo.

UMnuz Sandile Mhlongo,25, wase sigcemeni saseBumnandini eMpophomeni  kuthiwa wagcina ukubonakala  ngoMgqibelo esemsebenzini eKasi Pizza eMpophomeni.

Unina ka Sandile, uZonke Mlambo uthe uphithene ikhanda ngenxa yokuduka kwendodana yakhe.

“Bengimanqikanqika ukuba ngiye kubo kantombazane ehlekisana naye kodwa ngenxa yesimo ngigcine sengizamile ukuba ngiye khona. Nakhona asisizakalanga ngoba ibingekho yona  iye esihlobeni kwaMafunze,” kusho uMlambo.

Uthe into emshayisa novalo ukuthola umyalezo kumakhalekhukhwini wakhe omtshela ukuthi uSandile uhleli kahle lapho ekhona.

“Seyize yaba mibili lemiyalezo yakhe. Kodwa manje okuxakayo ukuthi lo myalezo ungena ngezikhathi ezimbi kwazise owokuqala wangena phakathi kwamabili. Nale nombolo yakhe ayingeni uma uyifonela” kuchaza uMlambo.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa acela ukufuniswa owesifazane odukile

Uthe loludaba uke walubikela namaphoyisa aso isiteshi salo ilokishi.

Ngokusho kukaZweli Nzuza osondelele naye uMhlongo uthe ukuduka kukuka Mhlongo kushayisa novalo.

“Inkinga le mfowethu ngoba sesizame ukumfuna ezindaweni ezahlukene kodwa asikakakwazi ukuthola usizo. Sesike sazama nokuba sixhumanae nalabo abasondelene naye kodwa alukho usizo esike saluthola,”kusho uNzuza

Uthe omunye wabangani abasondelene naye uthe wabe egcine ukubona uMhlongo ngezikhathi zehora lesine ngawo uMgqibelo.

Uma ungase ube nolwazi ngokuduka kuka Mhlongo ungasiza uxhumane nesiteshi samaphoyisa ase Mpophomeni kule nombolo ku-033-238 0078, kubika Eyethu News.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...