INal'ibali iza nohlelo lokucija izingane zesikole e-KZN nase-EC

2017-04-21 07:35

Durban - Kule nyanga kugujwa usuku olubalulekile iWorld Book Day kanti ithimba leNal'ibali Story Powered Schools lizobe lethula inkulumo ngamalungelo okufunda nokuloba ezinganeni zasezindaweni zasemakhaya.

IWorld Book Day izogujwa ngomhlaka-23 Ephreli.

Lokhu kuzokwenzeka ngezingxoxo ezihlose ukwazisa abantu abadala nothisha ngamalungelo ezingane nokuthi bengenzani ukusweka la malungelo.

Lokhu kuzokwenzeka ezikoleni ezisezindaweni ezisemakakhaya ezingaphezu kwezingu-200, okubalwa kuzo ezasoThukela nesifunda uGu, KwaZulu-Natal kuthi e-Eastern Cape kube seMbizana kanye naseMaluti.

Leli thimba lizophinde libambe ama-workshop nezingane lizicija ngokufunda nokubhala.

OLUNYE UDABA: Zihanjisiwe izincwadi zokufunda eLimpopo

Lezi zingxoxo zizobe ziholwa yiNal'ibali Charter of Children's Literacy Rights (okuyincwadi ebheke ukucija abantu abadala) kanye neChildren's Literacy Rights Booklet (okuyincwajana ebhekiswe kakhulu ezinganeni).

Zombili lezi zincwadi zitholakala kalula njengoba zizosatshalaliswa kanti futhi ziyatholakala nakuma-website eStory Powered Schools ku-www.storypoweredschools.org  naku-www.storypoweredschools.mobi.

IStory Powered Schools iwuhlelo lweNal’ibali olwesekwe wuMnyango wezeMfundo eyisiSekelo ngoxhaso lwe-United States Agency for International Development (USAID).

Ngeminye imininingwane ungangena kwi-website i-www.nalibali.org nethi-www.nalibali.mobi.

IZITHOMBE:

 Image may contain: one or more people

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 4-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...