Imthandazo ikhiphe amadimoni kosolwa ngokushumpula umfana ikhanda - Umfundisi

2016-04-28 16:04

Cape Town – Imthandazo ebhekiswe ejele lasePollsmoor, eKapa ihlambulule owalahlwa yicala lokubulala, u-Aljar Swartz kumadimoni, lokhu kushiwo ngumfundisi etshela iNkantolo eNkulu yaseWetsern Cape ngesikhathi kuqhubeka isicelo sokuncishiselwa isigwebo ngoLwesine.

"Kunosuku lapho engazinikela kulo ngamthandazela umsolwa, ngamema nabazalwane eRondevlei ukuba lusukume liphakamise izandla sase sithandaza sonke, singathandazeli uSwartz kuphela kodwa zonke iziboshwa kubalwa nabasebenzi," kusho umfundisi uCecil Begbie.

OLUNYE UDABA: Batholwe benecala kwelokukhipha amadimoni

Lo mfundisi ekhuluma enkantolo uthe wahlangana noSwartz izikhawu ezinhlanu kwamcacela ukuthi ukhungethwe ngamadimoni.

USwartz usanda kutholwa enecala lokubulala uLee Adams, 15.

USwartz wavuma icala lokushumpula u-Adams ikhanda ngonyaka wango-2013 ukuze ezodayisela isangoma izicubu zomzimba.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 16-31°C Showers late. More sun than clouds. Hot.
Jhb: 16-28°C Morning clouds. Warm. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 16-21°C Drizzle. Morning clouds. Cool. PE: 12-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...