Impilo inzima emndenini wowesilisa ofuna 'induku' yakhe

2016-12-21 12:31

Marquard - Umndeni wowesilisa osashona uthi awulali ebusuku njengoba umufi ehlezi ebahlasela efuna ulimi kanye 'nenduku' yakhe.

Lo mndeni uthi awazi ukuthi ungamsiza kanjani ngengoba isidumbu sakhe satholakala sidindilizile ngasedamini, ecwiyiwe ezinye izicubu zomzimba.

UPolose Mokoena, 38, wangcwatshwa ezinyangeni ezimbili ezedlule kodwa umoya wakhe awukakutholi ukuphumula.

OLUNYE UDABA:Oshimile uthi unomuthi wokuvusa 'induku' engasebenzi

Umkhulu wakhe uMokete, 87, uthi umzukulu wakhe ufika njalo ngephupho ediniwe futhi efuna isitho sakhe sangasese, kubika iDaily Sun.

Leli khehla lithi umzukulu walo wanyamalala isonto elilodwa ngo-Okthoba ngaphambi kokuba kutholakale isidumbu sakhe.

“Isitho sakhe sangasese sasicwiyiwe futhi nolimi lungekho. Nathi samngcwaba enjalo,” kusho leli khehla.

Isangoma uRakauoane Mamoya uthe lo mkhulu kumele ayalele umzukulu wakhe ukuthi alale ngokuthula futhi baqikelele bewumndeni ukuba bamenzela umsebenzi.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C More clouds than sun. Mild. Pta: 9-22°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 7-19°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-22°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-25°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...