Imoto 'yamaphoyisa' ikhale yemuka no-R24m esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo

2017-03-08 07:34

Johannesburg – Kwebiwe imali engu-R24 million esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International ngoLwesibili ebusuku, ngokusho kwemithombo yeNews24.

Ngemuva kokuba i-SAA flight 294 ifike yahlala esikhumulweni sezindiza,  abantu ebebehamba ngemoto ebinombhalo wamaphoyisa bayithathile imali.

yimoto emhlophe yohlobo lweMercedes-Benz okukholakala ukuthi isetshenziselwe ukuthatha imali.

Okhulumela oKlebe uBrigadier Hangwani Mulaudzi uthe uphenyo, oluhlanganisa ithimba eliphezu labezokuphepha, luyaqhubeka.

OLUNYE UDABA: Udabule amafu obhunyele intombi ngomchamo

Walile ukwenaba ngemininingwane.

Okhulumela i-Airports Company South Africa (ACSA) uTrevor Jones uthe kubenesehlakalo sokubanjwa kwenkunzi kodwa wangafuna ukusho isamba semali eyebiwe.

UJones ukhuphikile kodwa ukuthi imali eyebiwe ingu-R24 million, wathi akukaziwa okwamanje.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Numerous showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 7-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 5-22°C Sunny. Mild. Bloem: 3-14°C Mostly sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-22°C More sun than clouds. Refreshingly cool. PE: 12-16°C Showers late. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...