Imindeni isabise ngokukhipha izidumbu emakhazeni ngenxa yesiteleka

2017-06-17 13:30

Johannesburg - Imindeni yezihlobo eziduve emakhazeni isabise ngokukhipha izidumbu zabathandiweyo bazo emakhazeni, nangokuketula iloli elithwala izidumbu.

UMaria Ramavhili,42, odiniwe, oshonelwe engumfowabo ngoLwesithathu, uthi bathenjiswa ukuthi izidumbu bazozithola emakhazeni kahulumeni eHillbrow, eGoli uma sezihloliwe.

“Sizolahlekelwa imali eningi ngoba kuzodingeka senze amanye amalungiselo omngcwabo,” esho.

“Besilapha ngoLwesibili. UNgqongqoshe usethembise ukuthi izidumbu sizozithola ngokushesha uma sezihloliwe. Waze wathembisa ngokusebenzisa amasosha kulolu hlelo.”

OLUNYE UDABA: Abazali bavume amakhondomo ezikoleni - UMnyango

U-Andile Ngobese, obelinde ukuthatha isidumbu sikamfowabo asiyise eMpumalanga, uthe: “Iloli aliyi ndawo.

“Uma nje umshayeli engazama ukudlula lapha, sizoliketula, sithathe izidumbu zabathandiweyo bethu.”

Abasebenzi basemakhazeni babeka phansi amathuluzi ngoLwesine befuna ukukhushulelwa amaholo nokusebenza ngaphansi kwezimo ezingcono.

Isiteleka sibangele ukubambezeleka kwemingcwabo.

UMnyango uthi izingxoxo ziyaqhubeka.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...