‘Imibhalo kaZille kuTwitter yenza kube nzima ukuheha abavoti abamnyama’

2017-03-17 14:00

Cape Town – Obambe njengomholi weDA eWestern Cape, uBonginkosi Madikizela, uthi imibhalo ebhalwe yilowo owayengumholi waleli qembu, uHelen Zille, ayibhale ngoLwesine enkundleni yezokuxhumana iTwitter ngengcindezelo, ingaholela ekulahlekeni kokwesekwa ngabavoti.

“Ngaphendle kokungabaza, lokhu kuphawula kunomthelela ongemuhle kubantu esizama [i-DA] ukubaheha okungabantu abamnyama,” uMadikizela utshele iNews24.

“Ayikho indlela esingakuvikela ngayo. Vele kubaphathe kabi abantu ababegcindezelwe uhulumeni wengcindezelo. Kuzokwenza umsebenzi wethu uthande ukuba nzima.”

UMadikizela uthi yena, njengenqwaba yamanye amalungu eDA, bezwe ubuhlungu ngenxa yalokhu kuphawula kukaZille.

OLUNYE UDABA:UZille uzoqondiswa izigwegwe ngakubhale kuTwitter – Maimane

Umholi we-DA, uMmusi Maimane, usedlulisele lolu daba ezinhlakeni zangaphakathi zeqembu.

UZille naye ubuye waxolisa kuTwitter ngemuva kwehora enze lokhu kuphawula. Akazange asiphendule isicelo seNews24 sokuthi aphawule ngoLwesine.

UZille ususe omkhulu omsindo kuTwitter ngoLwesine ekuseni ngemuva kwemibhalo yakhe ebilandelana kuTwitter nalapho ethe: “Ngingena ebhanoyini manje futhi angeke ngingene ku-Wi-Fi ukuze ngizonqamula labo abacabanga ukuthi yonke into eyashiywa uhulumeni wengcindezelo yayiyimbi.

“Kulabo abacabanga ukuthi okwashiywa uhulumeni wengcindezelo kwakukubi kuphela, cabanga ngezobulungiswa zethu ezizimele, ingqalasizinda yezokuthutha, amanzi asemapayipini nokunye,” ubhale kanje.

UMadikizela uthi lokhu kuphawula kugcizelela le nkulumompikiswano ekhona yokuthi abantu abamhlophe bangcono futhi i-Afrika ngabe ayinje ngaphandle kwabo. “Ngamanye amazwi uthi ama-Afrika awakwazi ukuzenzela izinto ngokwawo.”

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. PE: 12-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...