IMeya yaseGoli ithi akukho engakwenza ngama-e-Toll

2016-08-25 20:31

Johannesburg - Ayikho into engenziwa yiMeya entsha yaseGoli, uHerman Mashaba, ngodaba lwama-e-tolls, ngoba akanawo amandla okwenza lutho ngawo.

UMashaba utshele iNews24 ukuthi uma i-DA ingavotelwa ngo-2019, ama-e-tolls azoqhubeka nokuba khona ngoba angasuswa kuphela nguhulumeni kazwelonke.

Funda nalolu daba: Kutholwe isidumbu esinenhlamvu ekhanda

Into angayenza uMashaba ukuyalela amaphoyisa aseGoli ukuba ayeke ukubheka ukuthi abashayeli banawo yini ama-e-tags, kubika iThe Citizen.

“NgoLwesihlanu, uma sengiqoka umuntu ozobhekana nezokuphepha ngizokhipha umyalelo wokuba i-JMPD iyeke ukuhlukumeza abantu yenzela iSanral.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C Morning clouds. Cool. PE: 7-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...