Imeya iqashe iRange Rover ebiza u-R150 000 ngenyanga

2016-11-21 13:32

Johhanesburg – UMasipala iCapricorn District usebenzisa imali engaphezu kuka-R150 000 ngenyanga njengoba uqashe unyanyavu lwemoto yohlobo lweRange Rover ehamba imeya futhi ukholwa ukuthi le mali ishibe kabi kunokugcina imoto endala yemeya isezingeni, kubika iCity Press.

Uma ngabe le moto igcinwa izinyanga ezingu-6, kuzodla umasipala imali engaphezu kak-R900 000.

Akwaziwa-ke noma umasipala usazoqhubeka nokuthi lesi sinyathelo sishibhile njengoba ungazi ukuthi imoto entsha yeMeya, uJohn Mpe, izofika nini.

OLUNYE UDABA: Imeya izothenga imoto ngemali ebibekelwe izidingo zomphakathi

Okhulumela lo masipala, uMoffat Senyatsi, umile kwelokuthi umasipala “empeleni usebenzisa imali engaphansi ngokuqasha kunokusebenzisa imali eningi ugcina ezingeni elifanele iJeep [imoto endala yeMeya]”.

IMenenja kalo masipala, uThuso Nemugumoni, uthi iJeep isifike ku-120 000km futhi ayisekho ohlelweni lokugcinwa kwayo isesimweni (maintenance plan).

Uqhube wathi “kumba eqolo ukugcina le moto isesimweni, esike yabandakanyeka ezingozini ezimbili neMeya yangaphambilini”.

Ikhansela le-DA, uNgako Setjie, okuyilona elibhoboze leli thumba, lithi lona liyayiqabuka indaba yokushayisa kweJeep, njengomuntu owayekhona emkhandlwini wangaphambilini. 

- City Press

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-30°C High level clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...