Imeya inqabe unyanyavu lwemoto ebiza u-R1.5m

2017-01-19 10:00

Johannesburg – IMeya yakuMasipala iMalahleni Local Municipality, uKhansela Lindiwe Ntshalintshali, “usemise” ukwesikhashana ukuthengwa kwemoto yemeya kanokusho, ebiza u-R1.5 million, kubika iCity Press.

Umasipala ubuhlela ukusebenzisa imali engu-R1.5 million nokuyimali eyingxenye yesabelomali obekuhloswe ngaso ukuthi kuthuthukiswe umphakathi ukuze uthenge lolu nyanyavu lwemoto phezu kokuthi lo masipala ukweleta u-Eskom imali engu-R940 million.

OLUNYE UDABA: Imeya iqashe iRange Rover ebiza u-R150 000 ngenyanga

Lokhu kwacasula kakhulu umphakathi wakule ndawo njengoba kwaholela ekutheni kube nombhikisho eTasbet Park.

“Isinqumo sakhe sokumisa ukuthengwa kwale moto sincike ekubekeni izidingo zomphakathi phambili,” kusho lo masipala esitatimendeni.

NgoSepthemba wangonyaka owedlule, okhulumela loMasipala, uLebo Mofokeng, wathi ukuthengwa kwemoto yemeya kunesizathu esifanele ngoba imoto eyayiyisebenzisa, iLexus, yayisifike ku-124 813km kanti nohlelo lwayo lokulungiswa lwase luphelelwe yisikhathi.

NgokweSouth African Local Government Association, imoto yemeya kumele ishintshwe kuphela uma ngabe isifike ku-150 000km.

Kodwa-ke ngoLwesithathu, lo masipala uthe imoto yemeya ibisifikile ku-150 000km.

- City Press

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-28°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-23°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 8-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...