Ilindwe ngabomvu inkulumo yesabelo sezimali sezemfundo eKZN

2016-04-22 07:46

Pietermaritzburg - U-MEC wezemfundo kwaZulu-Natal uPeggy Nkonyeni uzokwethula inkulumo yesabelo sezimali somnyango wakhe, kubika iNewswatch.

Le nkulumo ilindwe ngabomvu ngoba isona sabelo sezimali esikhulu kakhulu kulesi sifundazwe kanti nezakhamuzi zaseMtshezi zilindele ukuzwa ukuthi uzoluxazulula kanjani udaba lwabaphaki bemisebenzi ezikoleni ezivaliwe.

Abazali babafundi kulezi zikole eziyisishiyagalombili ezivaliwe abagculisekile ngosonkontileka okuyibona abaphakela abafundi isidlo sasemini.

OLUNYE UDABA:Zigcwele ziyaphuphuma ezemfundo ephakeme eKZN

Laba bazali bakhala ngokuthi laba bosonkontileka abasezindaweni zangaphandle kwalesi sifunda kanti futhi baphakela izingane ukudla osekudlulelwe yisikhathi.

UPhindile Strydom oyiMeya kaMasipala wesiFunda iMbabazane uyena osolwa ngokuqasha laba bosonkontileka.

Yize kunjalo uStrydom uthi yena akakaze akhethe izikole:”Angikaze ngikhethe izikole. Ezokeleni ezingu-400 ezafaka izicelo, zingu-170 ezaphumelela kwisiFunda kanti zingu-13 eziphumelele kumasipala wendawo. “Akumina engathatha leso sinqumo kodwa ngabantu abakhetha izikole ngabantu okuyibona abazokhokha, hhayi uMasipala wami.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...