Ikusasa likaRamaphosa no-NDZ selisezandleni zezithunywa

2017-12-17 22:10

Johannesburg – Qhude manikiniki zindala zombili! Kuzocaca ukuthi ngubani inkunzi phakathi kukaCyril Ramaphosa noNkosazana Dlamini-Zuma njengoba bobabili besamukele isiphakamiso sokuqokelwa ekuholeni i-ANC.

Laba bobabili kanye nalabo abagaqele izikhundla kwisigungu esiphezulu kuKhongolose balinde imiphumela njengoba izithunywa zamagatsha zivota ngeSonto ebusuku.

Ukuphakanyiswa kohlu lwabazongena kulezi zikhundla akuqalanga kahle njengoba izithunywa bezimelene nombono wokuthi kumele zivote ngomazisi. Kusuke isiphithiphithi izithunywa zithi izigqebhezana ezitshengisa ukuthi zibhalisile zenele ukuba zingavota ngazo.

Izithunywa ze-ANC Women's League (ANCWL) zibe seziqala zicula amaculo ahambisana noDlamini-Zuma, obehlezi esiteji. Bezicula zithi "Phakama Nkosazana ixesha lisondele".

URamaphosa uhamba phambili kulo mjaho ngamavoti amagatsha angu-1 469 aqhamuka ezifundazweni eziyisthupha, kanti uDlamini-Zuma yena ulandela emuva ngamavoti angu-1 094 avela ezifundazweni ezifanayo.

USihlalo we-ANC eMpumalanga uDavid Mabuza uthole amavoti angu-1 128 waphakanyiselwa isikhundla sikaSekela Mengameli kwathi uLindiwe Sisulu wathola angu-619.

UMabuza uhamba noDlamini-Zuma, kanti uSisulu yena uhamba nohlangothi lukaRamaphosa.

UZweli Mkhize, uNaledi Pandor kanye noNomvula Mokonyane bahoxile kulo mjaho.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...