Ikomidi livulele uNdunankulu icala lenkohlakalo

2018-03-09 18:01

Rustenburg – Ikomidi lezeMpilo nezokuThuthukiswa koMphakathi eNorth West livulele icala lenkohlako uNdunankulu uSupra Mahumapelo, uNgqongqoshe weziMali, inhloko yoMnyango wezeMpilo kanye nenkampani ezimele yama-ambulensi.

NgoLwesine ekuseni, oKlebe bagasele ehhovisi likaMahumapelo kulandela uphenyo ngezinsolo zokukhwabanisa imali engu-R160 million, nezenkohlakalo.

OLUNYE UDABAUMabalula wesulile njengelungu le-ANC ePhalamende

OKlebe bashaqe inqwaba yemiqulu ngesikhathi begasele ehhovisi lakhe nakweminye iminyango kakhulumeni.

NgoLwesihlanu ekuseni, ikomidi livulele amacala iButhelezi EMS, okuyinkampani ezimele yama-ambulensi enethenda kuhulumeni wesifundazwe iNorth West.

Inhloko yoMnyango wezeMpilo uThabo Lekalakala kanye noNgqongqoshe weziMali uWendy Nelson nabo bavulelwe amacala.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...