Ikhondomu esisebenzile ibophise umfundisi ngokudlwengula udadewabo

2017-08-24 09:33

Polokwane – Ulibufuzo olwatholakala kwikhondomu lubophise umfundisi ngecala lokudlwengula udadewabo, ngemuva kweminyaka emibili adlwengula enye futhi intombazane, kusho i-National Prosecuting Authority.

NgoLwesithathu,  iNkantolo eNkulu yaseLimpopo ebihlezi eThohoyandou imgwebe udilikajele umfundisi oneminyaka engu-35 ubudala, waseTshaulu, ngokudlwengula udadewabo kanye neminyaka engu-24 ngaphezulu ngokudlwengula intombazane eneminyaka engu-16 ubudala, kusho okhulumela iNPA uMashudu Malabi-Dzhangi esitatimendeni.

Umfundisi ngeke lidalulwe igama lakhe ngoba kuvikelwa izisulu. Izigwebo uzozidonsa kanye kanye.

Wadlwengula udadewabo ngoJuni 2013, ngesikhathi besele bobabili endlini. Abazali babo babesebenzela eGauteng ngaleso sikhathi.

OLUNYE UDABA: Uphele kabi umjolo wezingane kuchitheka igazi

Owesifazane wayelele wavuka ngesikhathi ezwa kuwa phansi into ethile. Wamkhumula, wabe esemdlwengula. Ngenxa yokuthi kwakumnyama, akabonanga ukuthi wadlwengulwa ngubani.

NgoSepthemba 2015, intombazane yesibili yayiswa kumfundisi ngugogo nomkhulu wayo ukuze izothola ukwalulekwa. Bayishiya nomfundisi, bayodayisa izinkukhu.

Umfundi wasala wayidlwengula. Ngemuva kokuba intombazane isidlwenguliwe, yaya emtholampilo oseduzane yacela ukuhlolelwa i-HIV yathi idlwengulwe umfundisi.

Kwabikelwa amaphoyisa, umfundisi waboshwa.

Umfundisi wayewashiya endaweni yesigameko amakhondomu ayewasebenzisa uma eseqedile ukudlwengula nokuyinto eyasiza kakhulu ekutholeni ulibofuzo kuwona.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 18-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 18-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...