IKhomishana igxeka imifundaze enikezwa izintombi nto

2016-06-20 10:03

Durban - Ikhomishana emele ukulingana kobulili ithi iyacwasa imifundaze yezintombi nto, kubika iNewswatch.

Lokhu kulandela imibiko yokuthi umasipala wesifunda soThukela unikezela ngemifundaze kumantombazane ayizintombi nto futhi ahlolayo.

Lesi sinqumo asehlanga kahle kulo khomishana ngoba ethi lo masipala ucwasa izingane zabafana futhi akakugqugquzeli ukuzithiba kwabo kwezocansi.

OLUNYE UDABA:Ufuna intombi nto umfundisi oyinsizwa nsi

UJavu Baloyi okhulumela lo khomishana uthe kumele kube nomhlangano phakathi kweSALGA, isikhayamthetho sakwaZulu-Natal kanye nale khomishana,

"Ngeke sikwazi ukunikezela ngemifundaze ngokubheka ubulili bomuntu, ukuthi uyintombi nto noma akayona. Kwenzekani ngamantombazane angazona izintombi ngoba nakhu adlwengulwa,"kusho yena.

Yize kunjalo abaholi abamele ezamasiko bathi akukho okubi ngale mifundaze ngoba kuyaziwa ukuthi ukuhlolwa kwamantombazane kuwusiko ngakhoke lemifundaze ikhuthaza ukuqiniswa kwalolu siko.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-30°C High level clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...