IKhansela le-DA libhekene necala lokweba esitolo

2017-08-13 11:59

Sabie - IKhansela le-DA eMpumalanga liboshelwe icala lokweba esitolo sakwa-Usave Shoprite endaweni yaseSabie.

Leli khansela libanjwe leba uswidi kulesi sitolo ngesikhathi lisathenga. Leli khansela namanye amalungu e-DA abelibangise eNaspoti emashini ebheke kuKhomishana wamaphoyisa kulesi sifundazwe behambisa uhlu lwezikhalazo.

Laba bafike bama kulesi sitolo beyothenga okokudla ngaphambi kokuqhubeka nohambo lwakho.

OLUNYE UDABA:INGOSI: Sizodlala iDA ne-#BlackFriday 'engumbhedo'

Leli khansela lizovela phambi kweMantshi yaseSabie ngoMsombuluko.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Leonard Hlathi uthi umsolwa ukhishwe ngebheyili ka-R300, kanti uphenyo lwakhe losaqhubeka.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...