Ikhansela le-ANC lisolwa ngokushaya owesifazane ngebhande emhlanganweni

2016-10-19 12:33

Johannesburg - UBeauty Maisela wasePhatantswane village ngaphandle kwaseJane Furse eLimpopo usola ikhansela leAfrican National Congress (ANC) ngokumshaya ngebhande, umshanelo nangamatshe phambi kwezakhamizi emhlanganweni wokuqoka okomidi lewadi elisha.

Lo wesifazane, 29,  ekhuluma neDaily Sun uthe ikhansela limshaye ngakho konke obekuphambi kwakhe wangeniswa esibhedlela. Ngokusho kwezakhamizi okubikwa ukuthi bakhulume nephephandaba bathe inking iqale ngesikhathi uMaisela eqokelwa ukuba yingxenye yekomidi.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa ikhansela le-ANC eKZN

Ikhansela libe selicasuka ngoba kusolwa ukuthi ubefuna kuqokwe umngani walo.

UMaisela uthe ushaqekile ehlaselwa njengoba engakaze abenezinkinga nekhansela futhi ubengasilo ilungu leqembu lezepolitiki, ebuza ukuthi yisiphi isibonela asivezayo emphakathini.

Isigameko sicasule umfowabo kaMaisela, obuze ukuthi ngabe yindela iqembu elibusayo elibonga ngalo umphakathi ngemuva kokuvota.

Kubikwa ukuthi amaphoyisa aqinisekise isigameko  abopha indoda eneminyaka engu-47 ubudala, aquba ngokuthi idedelwe ngebheyili yamali engu-R500 ngemuva kokuvela enkantolo yemantdhi yaseNebo ngoMsombuluko.

UNobhala Jikelele we-ANC eSekhukhune uJerry Maseko utshele iphephandaba ukuthi iqembu seliyazi ngesigameko nokuthi luyaphenywa kanti futhi bazoyithathela izinyathelo le ndoda uma itholwa inecala.

 - The Citizen

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 


- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C High level clouds. Mild. Pta: 6-20°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-20°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 10-18°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...