Ihlelelwe uLwesine eyesikhumbuzo sika'Sdumo'

2017-03-22 12:00

Cape Town - Ihlelelwe uLwesine wangomhlaka-23 Mashi, eJoburg Theatre, inkonzo yesikhumbuzo senkakha yezokulingisa uJoe 'Sdumo' Mafela.

Inkonzo kulindeleke ukuba iqale phakathi kwezithuba zika-10:30-11:00, amalungu omphakathi nawo amukelekile, kepha kuzoncika ekutheni isekhona yini indawo.

OLUNYE UDABA: Kungenzeka ukuba ubulawe ukugula 'uSdumo', nakuba ebandakanye engozini

Imininingwane yenkonzo iqinisekiswe yindodana kaMafela, uJoe Mafela Junior.

UJoe Mafela udlule emhlabeni ngoMgqibelo kulandela ingozi yemoto eGoli.

Umshana kaMafela u-Anthony nguye owamemezela ngokudlula kwakhe emhlabeni.

Lo mshana wamemezela enkundeni yezokuxhumana iTwitter ngemuva kokubhala kanje:

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...