Ihlafuna ijeqeza iMeya yaseRichmond kulandela ukubulawa kweSekala layo

2017-04-03 14:02

Durban - Isisabela impilo yayo iMeya kaMasipala waseRichmond kulandela ukuhlaselwa, kubulawe iSekela layo, uThandazile Phoswa.

Ekhuluma nabeTMG Digital ngoMsombuluko, uSibusiso Joseph Mchunu, oyiMeya kulo Masipala uthe kubonakala sengathi kukhona abafuna ukuqumba phansi lo Masipala.

“Sisanda kungcwaba uMphathi kaMasipala nokungumuntu esasisebenzisana naye kakhulu futhi sisondelene. Manje sekubulawa iSekela lami, uPhoswa wayesemncane futhi enomoya ophansi,” kusho uMchunu.

OLUNYE UDABA:Kubulawe iPhini leMeya kumasipala waseKZN

Okhulumela inhlangano ye-ANC kulesi sifunda, uMthandeni Dlungwana, uthe ukushona kukaPhoswa kuvule isikhala esikhulu kulo masipala kanye naku-ANC.

“Ubezinikele kuKhongolose futhi wajoyina le nhlangano esemncane. Amakhono akhe kanye nolwazi abenalo yikhona okwamenza wathola lesi sikhundla. Wayezinikele kule nhlangano futhi ezinikele ekuthuthukiseni umphakathi,” kusho uDlungwana.

UDlungwana uqhubeke wathi basalinde umbiko ophuma emaphoyiseni mayalana nolwazi olusha oluvelayo ngokubulawa kukaPhoswa.

- Times Live

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C High level clouds. Mild. Pta: 6-20°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-20°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 10-18°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...